Ishicilelwe nguMnyango wokuthuthukisa ezeMpilo KwaZulu-Natal ubambisene noMnyango wezeMpilo weNhlangano yeZizwe.
Pheka ukudla okuyimvelo okanye okusuke kutshalwe ensimini ngendlela efanele.
Ukudla kwemvelo okunjenge-nhlanzi, izithelo kanye nemifino njalonjalo kungaba nalo igciwane lekholera, kodwa leligciwane lingafa uma lokudla ukupheka, ngakhoke qiniseka ukuthi awukudli ukudla okungaphekiwe, ngalekwalokho kufanele ukucwecwe ngemuva kokuthi ukudle.
Ngesikhathi ukudla sekupholile igciwane liyakhula. Ngakhokhe yidla ukudla okufudumele noma kufudumeze ngemuva kokuthi ukudle.
Gwema ukuthintana phakathi kokudla kwemvelo kanye nokudla okuphekiwe.
Ukudla okuphephile okuphekiwe kungaba nalo igciwane lekholera ngenxa yokuthintana kancane nokudla kwemvelo. Lokuthintana kungenzeka ngesikhathi uma usika inhlanzi eluhlaza besa usika ukudla okuphekiwe ungawuhlambile umubese.
Ezindaweni ezikhungethwe ikholera, ukudla okunjenge zithelo nemifino akuphephile ngaphandle uma kungokwasemathinini, njalonjalo.
Hlamba izandla ngemuva kokuqala ukulungisela ukupheka ukudla nangaphambi kokuphazamiseka, okungaba ukushintsha noma ukuhlamba ingane, ukusebenzisa ithoyilethi. Hlamba futhi izandla uma usuqedile ukulungisa ukudla okunjenge nhlanzi kanye nemifino ngemuva kokuthinta okunye ukudla.
Indawo olungisela kuyo ukudla kufanele ihlale ihlanzekile, cabanga ukudla okungeke kusadleka okanye indawo engahlanzekile njengasona sisusa segciwane. Imfaduko yokuhlamba izitsha neyokusula kufanele zishintshwe zonke izinsuku okanye zibiliswe ngemuva kokusetshenziswa. Hlukanisa imfaduko yokukolobha okufanele nayo ihlanjwe njalo.
Ukusebenzisa amanzi aphephile ekuphekeni kubalulekile njengoba kubalulekile ekuwaphuzeni. Bilisa amanzi ngemuva kokulungisela ingane ukudla. Ibhilishi okanye ijikhi kungasetshenziswa esikhundleni samanzi abilisiwe. Faka ithisipuni elilodwa lebhilishi okanye ijikhi lumalitha angu 25 amanzi, bese ulinda kuphele amahora amabili okanye ubusuku bonke ngemuva kokuwasebenzisa.
II. Ngabe uvikelekile kwi-kholera Kungabe ukudla okulungisela ukupheka kuphephile?
Pheka ngendlela efanele konke ukudla okunjengenyama, inhlanzi nemifino.
Idla ukudla okuphekiwe kusashisa.
Hlamba izandla ngemuva kokulungisa ukudla.
Hlamba izitsha ngamanzi nensipho.
Hlamba indawo osikela kuyo inhlanzi nemifino, njalonjalo ngamanzi nensipho.
Yidla izithelo ezicwecwe ngobunono ezinjengama-olintshi noma ubhanana.
Kugcine kuhlanzekile-kupheke, kucwecwe , okunye ukuyeke!
Pheka ukudla kwakho.
Bilisa ukudla kwakho.
Hlamba ukudla kwakho.
Kungabe amanzi akho abilisiwe noma avikelekile?
Kungabe amanzi akho agcinwe endaweni ephephile?
Amanzi ahlanzakile angaba nalo igciwane uma engabekiwe endaweni ephephile.
Gcina amanzi esitsheni esihlanzekile esinesivalo.
Sebenzisa amanzi abekiwe amahora engu 24.
Thela amanzi esitsheni noma sebenzisa inkomishi ukuwakha.
Wagcine ehlanzekile-wagcine amanzi ephephile.
VI. Ngabe uphephile kwi-kholera Kungabe uyazihlamba izandla Ukungcola okuningi okusezandleni kungayidala ikholera wena ungazi?
Ngaphambi kokusebenzisa ithoyilethi noma kokuhlamba ingane.
Ngemuva kokulungisa ukudla.
Ngemuva kokuthi udle.
Ngemuva kokunika ingane yakho ukudla. Iyiphi engcono yokuhlamba izandla?
Sebenzisa insipho njalo.
Sebenzisa amanzi ahlanzekile njalo.
Hlamba izandla zakho njalo ngemuva ngangaphambili, nangaphakathi kweminwe, nangaphansi kwezinzipho.
Zigcine zihlanzekile-hlamba izandla zakho?
VII. Ngabe uphephile kwi-kholera Kungabe uyalisebenzisa ithoyilethi Nomuntu ohlanzekile angayithola ikholera endleni. Sebenzisa ithoyilethi njalo?
Shabalalisa indle yengane ethoyilethi noma uyigqibe emgodini.
Hlamba izandla zakho ngamanzi nensipho ngaphambi kokusebenzisa ithoyilethi.
Ligcine lihlanzekile - sebenzisa ithoyilethi.
Phuza amanzi aphuma endaweni ephephile noma avikelekile.
Pheka ukudla noma ukufudumeze, bese ukudla kushisa.
Hlamba izandla zakho ngaphambi kokuthinta indle noma kokuchama, ngemuva kokulungisa ukudla.
iKholera angeke yakubulala uma ilapheke ngendlela efanele.
Phuthumisa isiguli osisolayo masishane emtholampilo ukuze silashwe.
Phuzisa isiguli amanzi.
